Mamatheka Nhliziyo Yami

Mamatheka Nhliziyo Yami

by Sicelo Ntshangase
Mamatheka Nhliziyo Yami

Mamatheka Nhliziyo Yami

by Sicelo Ntshangase

eBook

$10.00 

Available on Compatible NOOK Devices and the free NOOK Apps.
WANT A NOOK?  Explore Now

Related collections and offers

LEND ME® See Details

Overview

Abafundi bemibhalo yesiZulu bahlale bekhala ngenxa yokuntuleka kwezincwadi ezikhuluma ngqo nentsha kanye nabadala abaphila esikhathini samanje. Leli qoqo lezindaba ezimfushane elethiwe igama elithi “Mamatheka Nhliziyo Yami” libhalelwe khona lokho-ke ukuthi lithobe amanxeba labo abamiphefumulo idungekile, bemiphefumulo inhlwempu, intula imibhalo yesiZulu, ekitaza inhliziyo.
Izindikimba esizithola kuleli qoqo zindingida izinto ezifana nobubha;, ukwehlukana kwamasiko;, ukwehlukana ngokwenkolo, ukwehlukana ngokwamazinga empilo phakathi kwalabo abadla izambane likampondo nalabo abadla imbuya ngothi. Ezinye izindikimba ezinohlonze zimayelana nobudlelwano bezothando, ubudlelwano phakathi kwabazali nezingane, ukungathembeki kanye nokubaluleka kokwazi imvelaphi yakho.
Lezi zindaba zivuselela ithemba kulabo abazithola besesimweni sokucindezeleka. Kungaba ukucindezelwa wumphakathi, umndeni, isimo sempilo, isimo senhlalo, izinkolelo, ubandlululo, kanye nezinye izinto ezingenza umuntu akhathazeke emoyeni. Isihloko sale ndaba siyazishonje, sigqugquzela ukumamatheka kwenhliziyo nenjabulo engenawo umkhawulo.
Leli bhuku libhalelwe ukuthi lingafundwa ngabancane kanye nabadala. Alibhalelwe nje ukuzithokozisa kuphela kodwa umbhaliwalo uphonsela inselelo umphakathi ukuthi ucabange ujule ngezinselelo ezibhekene nentsha, abazali, izinhlaka ezithize zomphakathi kanye nezinqumo esizithathayo singabantu jikelele.
Ibhuku leli lihlelwe ngokuthi lilandele uhlelo lwezemfundo lwaseNingizimu Afrika olwazi wange-Curriculum Assessment Policy Statements (CAPS). Ekugcineni kwebhuku kukhona amanothi achaza kabanzi ngemibhalo, izinhlobo zemibhalo kanye namasu okuhlaziya imibhalo. Kuphinde kube khona nesivivinyo esisethwe ngokuthi kulandelwe indlela yokuhlela izivivinyo zephepha lesibili. Isivivinyo lesi siphelezelwa wuhla lwezimpendulo.
Nansi-ke zingane zikaCetshwayo, isibekiwe entendeni yesenu isandla ukuba niyifunde, niyihlaziye, nimamatheke izihlinziyo.


Product Details

BN ID: 2940155358831
Publisher: Sicelo Ntshangase
Publication date: 07/31/2018
Sold by: Smashwords
Format: eBook
File size: 287 KB
Language: Zulu

About the Author

UDokotela Sicelo Ziphozonke Ntshangase wazalwa zingama-26 ku- Ephreli 1975, eNgwavuma, eNyakatho nekwaZulu-Natali. Uzalwa yisithole sakwaNyawo, uBekiwe Nester, benoDumba Wilson Ntshangase. Ungowesihlanu ezinganeni eziyisithupha, amantombazane amathathu: uThembeni, uPhakanyisiwenoPhumlile kanye nabafana ababili: uSibongeleni noSiphelele. Unabantwana abahlanu: uThembisa, uLindokuhle, u-Olwethu, u-Aphile kanye noNkazimulo Ziphozonke Junior. Ushade noBongiwe (okaMalinga).Uke wafundisa i-Teaching Methodology yesiZulu nesiNdebele, eNyuvesi yasePitoli, eGroenkloef Campus. Manje usefundisa eNyuvesi yaKwaZulu-Natali.

From the B&N Reads Blog

Customer Reviews